Sanbona ngicela ningichazele naliphupho .. Ngiphuphe ngisekhaya kithi langizalwa khona. Angisahlali ke khona. Ngabona inhlwathi enkulu igwinyile nje. Ngathi sengiyamemeza omakhelwane ukuthi bazosishayisa lenyoka. Bese kunezinyoka ezininngi lapho ezinkulu ezinamabala kodwa bezintathinteki zimile zithulile ngaxoxela laba enginabo ukuthi zihloniphela lenkosi yazo ngoba ingasakhoni ukuhamba. Ngisho Lena egwinyile. Ngaqhubeka ngamemeza kwaqhamuka indlovu yase ishintsha iba ngomunye ubaba ofake ubuhlalu aphethe nomboko wendlovu wafika wasiza lenyoka ukuthi iphalaze lokho ekugwinyile. Besekungathi akuseyona into enkulu kodwa sekuyikhekhe lezinyosi. Wayesethi lobaba obekade eyindlovu kulenhlwathi lokhu akudliwa yinoma ubani ngaphandle kwenkosi yenu. Wayilapha yaphila inhlwathi . Ngambuza Mina ukuthi ususibulalele lenyoka na?? Wathi hhayi ngeke ayibulale ngoba ayisiyo intozi. Waphinda wanyuka intaba sabuyela emuva laqhamuke ngakhona zase ziyaqala ziyanyakaza nalezi ezinye inyoka. Zagibela eshlahleni. Yonke lento beyenzeka eduze nesbaya

Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp
Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 

izincazelo zamaphupho

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo